|
|
|
|
Isimemo seNgqungquthela YabeFundisi 5-8 March 2001 "SIBUYELA EZISEKELWENI ZEBHAYIBHELI""IVangeli . . . nenalamukelayo nenimi kulo." (1 Kor. 15:1) Mhlobo Othandekayo KuKristu Ingqungquthela elandelayo yabeFundisi KwaSizabantu isisondele. Sithokoza kakhulu ngendikimba yengqungquthela kanye nezikhulumi ezinohlonzo esezivumile ukusikhonza engqungqutheleni. AmaKristu amaningi, ikakhulu lawo asebuholini ayavuma ukuthi kunobulembelele obuvamile eBandleni. INingizimu Afrika nayo iyathinteka kule nto, abanye baze bathi ihamba phambili ekuqheleni ezimisweni zeBhayibheli phakathi eBandleni nasemphakathini. Amakholwa amaningi ayehluleka ukuwuqonda lo mhlaba obazungezile oguquka ngokushesha bese bedideka ngemiqondo emisha efika iphonsele inselelo izisekelo zokukholwa kwawo. Yingaleso sizathu sakhetha indikimba "SIBUYELA EZISEKELWENI ZEBHAYIBHELI". Ezinye zezikhulumi zomhlaba wonke eseziqinisekile ukuthi ziyeza zingo: Dkt. Bert Dorenbos wase Netherlands, uMongameli weCry for life Holland.Phrof. Grady McMurtry wase Melika. Ungumsunguli nomqondisi we Creation Worldview Ministries. Sisalindele abanye bagcizelele ukuthi bayeza. Izinsuku zeNgqungquthela: Iqala ngomhla ka- 5-8 March 2001, ngokuvuma kweNkosi. Inkonzo yokuqala iqala ngoMsombuluko ebusuku ngomhla ka- 5 March ngo 7:30 kanti eyokugcina ingoLwesine ekuseni mhla ka-8 March. Kuhlelwe ngale ndlela ukuze abefundisi babe namabandla abo ngezimpelasonto. Imininingwane eminye ngezihloko nezikhulumi izolandela. Okwamanje sicela isimemo usibeke emthandazweni maqondana nawe nabanye obambisene nabo emsebenzini weNkosi. Ungasibhalela, usishayele ucingo, noma uthumele i-imeyili ukuze sazi ukuthi uyeza: Inombolo yocingo: (032) 481-5500 Ifeksi (032) 481-5510 I-imeyili: ministersconference@kwasizabantu.com I-Website: www.kwasizabantu.com Njengoba bebaningi eBandleni abaphuma eZisekelweni zeBhayibheli, bagcina sebekholwa ukuthi labo abasabambelele eZwini bangabaphazamisi bokuthula kwabo, beqisa kakhulu. Njengoba kusho ku-Isaya 59 amavesi 14 no 15:"Ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini,nobuqotho abunakungena.Iqiniso lisilele;osuka ebubini uzenza impango..." Le ngqungquthela yabefundisi ezayo izozama ukuthinta izihlokwana eziningana ezizophonsa inselele, ziqinise, zikhuthaze iBandla kanye nomsebenzi wokushumayela iVangeli. Sizolindela impendulo evela kuwe. Yimina owenu emsebenzini waKhe
u-Erlo Stegen
"Shumayela iZwi!Uqinise kuyisikhathi noma kungesiso.Sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.Kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo,kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abefundisi njengokubatshwakwezindlebe zabo, bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni,baphambukele ezinganekwaneni."(2 Thim 4:2-4) "Usho kanje uJEHOVA uthi: Yimani ezindleleni nibone,nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle,nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu."(Jer. 6:16) |
|
Last edited on: Tuesday April 03, 2007 E-mail us at: mail@ksb.org.za Return to KSB Home page |